Use APKPure App
Get Ibhayibheli elingcwele Lesizulu old version APK for Android
التطبيق yokudownloda مجانا المقدس الكتاب المقدس الزولو
Siyajabula ukunethulela iBhayibheli ngolimi lwesiZulu: iBhayibheli lesiZulu, 1959 (ZUL 59)
Downloda le-app ufunde noma ulalele IBayibheli kwi-smartphone noma i-tablet yakho.
Kulezinsuku, amaKristu amaningi aneBhayibheli lawo ocingweni abathanda ukulifunda noma balalele Izwi Elingcwele. Ukuba ne-app yeBhayibheli kuhle ngezizathu eziningi.
Okokucala, i-app yeBhayibheli yinhle ngokugcina Izwi likaNkulunkulu ocingweni lwakho nomaphi lapho uyakhona, akudingekile ukuthi ubesekhaya ukuze ufunde lencwadi. Abanye abantu bathanda ukufunda iBhayibheli ngaphandle lapho kushaya khona umoya omnandi, noma ebhasini.
IBhayibheli ngesiZulu lisebenza noma ungalumekile kwi-internet. Ungafunda uphinde ulalele noma nini uma ufuna, noma ungalumekile kwi WI-FI.
Esingakwengaza ukuthi, liyiBhayibheli elikhulunywayo. Uma ungakhoni ukufunda, ungakwazi ukulilalela iBhayibheli ngolimi lwakho.
Konke kumahhala! Thokozela iBhayibheli lesiZulu!
Kukhona noku-downloda mahhala nokulisebenzisa offline, le-app inokunye ukusebenziseka:
- Bekisa uphinde upende amavesi owathandayo
- Hlela amavesi akho owathandayo ngohla oluthile ukwazi ukubuya uwabheke kamuva
- Yengeza amanothi
- IBhayibheli elifundwayo ongezwa Izwi ngolimi lwakho
- Shintsha ngco ubukhulu bamagama uma ufunda iBhayibheli
- Ukusesha amagama awukhiye
- Phana ngamavesi akho owathandayo kubangani bakho ngemilayezo ebhaliwe, ama email, ngoFacebook noma uTwitter
- Setha ukuthi kube yisebusuku ukuze uvikele amehlo akho
- Le-app izikhumbhulela yona ivesi ogcine ngalo ukulifunda
- Ukufingqa, IBhayibheli lesiZulu lingenye indlela yokufunda, uhlole uphinde udadishe iBhayibhele nsuku zonke!
IBhayibheli ngesiZulu linezincwadi eziwu 39 kwi Testamente Eliza last (Ugenesise, U-Eksodusi, Ulevitikusi, Unumeri, Uduteronomi, Ujoshuwa, Abahluleli, Uruthe, 1 Usamuweli, 2 Usamuweli, 1 Amakhosi, 2 Amakhosi, 1 Izikronike, 2 Izikronike, U-Ezra, Unehemiya, U-Esteri, Ujobe, Amahubo, Izaga, Umshumayeli, Isihlabelelo Sezihlabelelo, U-Isaya, Ujeremiya, Isililo, Uhezekeli, Udaniyeli, Uhoseya, Ujoweli, U-Amose, U-Obadiya, Ujona, Umika, Unahume, Uhabakuki, Uzefaniya, Uhagayi, Uzakariya, Umalaki) nezincwadi eziwu 27 kwiTestamente Elisha(Ngokukamathewu, Ngokukamarku, Ngokukaluka, Ngokukajohane, Izenzo, Kwabaseroma, 1 Kwabasekorinte, 2 Kwabasekorinte, Kwabasegalathiya, Kwabase-Efesu, Kwabasefilipi, Kwabasekolose, 1 Kwabasethesalonika, 2 Kwabasethesalonika, 1 Kuthimothewu, 2 Kuthimothewu, Kuthithu, Kufilemoni, Kumaheberu, Ekajakobe, 1 Kapetru, 2 Kapetru, 1 Kajohane, 2 Kajohane, 3 Kajohane, Ekajuda, Isambulo)
Sethemba ukuthi le-app izokusiza!
Umusa mawube nawe!
Last updated on 19/02/2018
Minor bug fixes and improvements. Install or update to the newest version to check it out!
محمل
Wongsa'a Meenonthong'g
Android متطلبات النظام
Android 4.0.3+
الإبلاغ
Ibhayibheli elingcwele Lesizulu
1.0 by Holy Bibles
19/02/2018